Uthango oluzungeze indlu olunamasango okhiyekayo lungcono kunodonga oluphakeme ngoba uthango luyabonakalisa ngalena kwalo. Ucingo olusikayo, ucingo olunameva, amathini angenalutho noma izinsimbi kungaxhunywa othangweni ukuze kusheshe kuzwakale uma kukhona okweqayo. Khumbula ukuthi amasango makahlale ekhiyiwe.
Amasango okuphepha emnyango anezikhiye eziqinile phambi kwalowo nalowo mnyango kanjalo nasemawindini kube nezinsimbi ezivimba ukugqekeza. Amasango okuvikela emnyango makahlale njalo ekhiyiwe.
Isango lokuphepha ngaphaktahi endlini elehlukanisa indawo yokulala nezinyeizingxenye endlini lingase libe usizo olukhulu uma kungenzeka ukuthi kube khona ongenayo endlini. Kungangcono futhi uma indlela yokuxhumana lapho kunesimo esiphuthumayo ingafakwa kule ngxenye yendlu.
Izibhamu kufanele ngaso sonke isikhathi zitholakale kalula futhi uma kungenzeka, umuntu azigcine kuye emzimbeni. Qinisekisa ukuthi izikhali zihlala njalo ziseviswa nokuthi umuntu ozisebenzisayo uqeqeshekile ukuthi azisebenzise.
Umsindo wokuxwayisa/i-alamu esophahleni lwendlu enezindawo ezimbadlwana lapho lingacushwa khona endlini linokuzwakala kude kakhulu uma ezinye izindlela zokuxhumana kwenzeka ukuthi zingasebenzi. Kubalulekile ukuthi lezi zinto zihlale njalo zihlolwa ukuthi ziyasebenza yini nokuqinisekisa ukuthi zizwakala ngisho umuntu ekude kakhulu nomuzi.
Izinja namakgansi kuyasiza kakhulu ukukuqwashisa uma kukhona okushaya amanzi. Lezi zilwane zivalele endaweni eseduze nendlu ukuze izihambi ezingaziwa zingasondeli kalula kuzona.
Abantu abangaziwa endaweni, abehla benyuka kungabonakali ukuthi benzani.
izimoto ezingaziwa ezihamba emgaqweni wepulazi kwesinye isikhathi zize zizinze endaweni. Qaphela amasondo ongawazi.
Ukushintsha kwezinto kwindlela umqashwa enza ngayo izinto. Ukuthenga noma ukusebenzisa kakhulu ukudla ngasohlangothini lwabaqashwa. Ukushintsha kokuziphatha kwabaqashwa abadala emva kokuqashwa komsebenzi omusha.
Ukufa kwenja egadayo ngendlela engaqondakali.
Hlala njalo uqaphile ukuthi azikho yini izimpawu zabantu abangenile ngaphakathi endaweni abangaziwa, njengamabhodlela noma amathini angenalutho, amakesi ezinhlamvu, izinsalela zamaphepha, izinkinobho ezigqashukile, izingubo ezidabukile, amasondo ezinyawo noma izicathulo, indawo ekade ibasiwe ngoba kukhempiwe, amapitsi kanye nongqengqema lomfula, izinsalela zokudla, izinqamu zikagwayi, amabhokisi angenalutho, indle, izintambo, njalo njalo.
Ukuntshontshwa kokudla, uphethiloli, imfuyo nezinyamazane.
Abantu abangaziwa abafika endaweni yakho beza nezizathu ezizwakalayo kepha babe belokhu beqalaza ngokunganakekile.
Wasebenzise amalungelo akho njengomnikazi wepulazi. Abantu abangaziwa abangena ngaphakathi epulazini noma abavakashela abasebenzi kufanele baqale bathole imvume yakho. Xhumana namaphoyisa endawo ukuthola ukuthi yini ovumelekile ukuthi ungayenza enThethweni nanokuthi lokho ungakusebenzisa kanjani epulazini lakho.
Yakha ubuhlobo obuhle nabasebenzi.
Gcina amakhophi amapasi abo bonke abasebenzi.
Bakhuthaze bonke abasebenzi ukuthi bahlale ngokuqaphela kwezokuphepha futhi babubike bonke ubulelesi.
Bakhokhele abasebenzi bakho ngakho konke ukukuvusa nokukwazisa.
Ungavumeli muntu angene emagcekeni noma epulazini lakho ngaphandle kokuthi usubone kahle ukuthi bangobani, ikakhulukazi ebusuku.
Zonke izinto zokusebenza ezingasebenziseka njengezikhali kufanele zihlale njalo zikhiyelwe uma zingasebenzi.
Uma uphuma endlini, kwenze kube umkhuba wakho ukuwazisa umndeni wakho ukuthi uya kuphi, indela ozohamba ngayo nokuthi uzobuya nini.
Hlala ngokuluhlola njalo ucingo lwakho ukuthi luyasebenza yini. Faka ucingo endaweni okufinyeleleka kalula kuyo endlini, futhi engaqondene nendawo okungadubuleka kalula kuyo noma amawindi.
Baqaphelisise okhiye ukuze bangasikwa.
Hlala njalo unethoshi eduzane futhi kuthi lapho ulisebenzisa ungakhombisi ukuthi umi kuphi nendawo.
Qaphela ukuthi uphethiloli nempahla kungantshontshwa.
Ungahlali wenza izinto ngendlela efanayo nsuku zonke.
Iba nomkhuba wokungamane ulale lapho uqeda ukucisha ebusuku. Hlala isikhashana. Ungalali endaweni obonakalayo kuyona kumuntu ongaphandle.
Ungami emawindini lapho uvula noma uvala amakhethini. Hamba kanye nekhethini ukuze ungaveli kalula ngaphandle.
Thatha izithombe nezithupha zabo bonke abasebenzi. Noma ungeke ukwenze lutho kodwa kuyesabisa.
Ukuhlala njalo uzilolonga ikhono lokudubula epulazini (endaweni ephephile) nakho kuyasiza ukwesabisa nobesacabanga ubulelesi.
Fundisa abantwana bakho indlela efanele yokuphendula ucungo nokugwema ukukhuluma nabantu abangabazi noma ukwamukela izipho kubantu abangabazi.
Cabanga - ungatatazeli. Umoya ophansi yindlela yakho yokuqala yokuzivikela.
Hlola isimo - ngabe ukhona umuntu oseduze Memeza kakhulu?
Uyelulekwa ukuthi ungabodonsisana nomhlaseli ngaphandle uma wazi ukuthi uzokwazi ukubaleka NGALESO SIKHATHI.
Uma udonsisana ngaphandle kokucabanga, ungazibambi. Mlimaze umhlaseli. Mthene amandla ngendlela yokuzivikela kuze kube uthola usizo noma uyakwazi ukubaleka.
Uma ungakwazi ukudonsisana, qaphela omaka bokumbona. Qaphela iminyaka yakhe, ubude, umbala wezinwele, izibazi, izingubo, inkulumo nendlela enza ngayo izinto.
Zama ukushiya ubufakazi obuningi kangangoba kungenzeka lapho kwenzeke khona isehlakalo. Iminwe, amaduku, imigexo nanoma yini engasiza ukuthi ubonakale emva kwesikhathi.
Abantu abebengalimazeka sebeke baphumelela ukubaleka ngokuthi bakhulumisana ngempumelelo nabahlaseli babo (ukuzikhulumela).
